Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:43 - IsiZulu 2020

43 Abantu bakwa-Israyeli baphendula abakwaJuda, bathi: “Thina sinezabelo ezilishumi ngaphezu kwezenu enkosini, ngisho nakuDavide. Pho nisedeleleleni na? Aliphumanga kithi kuqala yini izwi lokuthi makubuyiswe inkosi na?” Kepha amazwi abakwaJuda ayenzima kunamazwi abakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: “Sinezinxenye eziyishumi kunani enkosini, yebo, nakuDavide; nisideleleni na? Izwi lethu lokubuyisa inkosi lalingesilo elokuqala na?” Kepha amazwi abantu bakwaJuda ayelukhuni kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: “Sinezabelo eziyishumi enkosini, futhi kuDavide sinamandla kunani; ubuyise inkosi yethu? Futhi amazwi amadoda akwaJuda ayenamandla kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:43
23 Referans Kwoze  

ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,


Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu.


Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.


Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.


Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.


Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Wayesethi uDavide ku-Abhishayi: “USheba, indodana kaBhikhiri, izokwenza kithi umonakalo omkhulu kunalowo ka-Absalomu. Thatha izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa aze azitholele imizi ebiyelweyo, aphele emehlweni.”


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”


Bonke abantu phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli babephikisana, bethi: “Inkosi yasisindisa esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti, manje ibalekile ezweni, ibalekela u-Absalomu.


UNkulunkulu wathumela umoya omubi phakathi kuka-Abhimelekhi nezakhamuzi zaseShekhemi, zamphatha ngonya u-Abhimelekhi.


Abakwa-Efrayimi base bethi kuGideyoni: “Ukwenzeleni lokhu kithi, ukuba ungasibizi uma uyolwa nabakwaMidiyani, na?” Bamthethisa kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite