Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:35 - IsiZulu 2020

35 Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ngineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili namuhla, ngingahlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho inganambitha engikudlayo nengikuphuzayo na? ngisalizwa yini izwi labahlabeleli besilisa nabesifazane abaculayo? pho, inceku yakho isayakuba ngumthwalo enkosini yami, inkosi, na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:35
15 Referans Kwoze  

UDavide wathi kuye: “Uma uhamba nami, uzokuba ngumthwalo kimi,


ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyi-7 337; babenabahlabeleli besilisa nabesifazane abangama-200.


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.


Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi.


Indlebe ayiwahloli yini amazwi, nolwanga alukunambithi yini ukudla na?


Kukhona yini ukungalungi engikusho ngolimi lwami na? Ulwanga lwami alunakukwehlukanisa yini okubi na?”


ngale kwezinceku zabo zesilisa eziyizi-7 337 nezesifazane; babenabaculi besilisa nabesifazane abangama-245.


Inkosi yathi ku-Absalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sibe ngumthwalo kuwe.” Wayincenga, kodwa ayivumanga ukuhamba naye, nokho yambusisa.


Uma umndeni umncane kakhulu ukuba ungaqeda iwundlu, uyohlangana nomakhelwane ukuze uthole iwundlu; iwundlu liyakwehlukaniswa izingxenye ngokulingene abantu abayakulidla.


Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Intombazane yahamba yayobiza unina wengane.


Inceku yakho isingahamba ibangana nje ukuweza inkosi. Pho kungani inkosi ifuna ukungiklomelisa ngomklomelo ongaka na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite