Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:22 - IsiZulu 2020

22 UDavide wathi: “Ngizokwenzenjani ngani madodana kaZeruya, njengoba namuhla nimelane nami na? Kufanele yini ukuba namuhla kube khona obulawayo kwa-Israyeli na? Kanti angazi yini ukuthi namuhla ngiyinkosi kwa-Israyeli, na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nibe yizitha zami namuhla na? ingabe ukhona ozobulawa kwa-Israyeli namuhla? Angazi yini ukuthi ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli namuhla na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:22
11 Referans Kwoze  

Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”


Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?”


kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa, ethendeni likaDavide, kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli oyofuna ubulungiswa, asheshe ukwenza okulungileyo.


U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”


UDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelula isandla sakhe amelane nogcotshiweyo kaSimakade, angabi nacala na?”


Mawungabi bikho nhlobo kimi lowo mcabango wokuba uSimakade angivumele ukuba ngelule isandla ngimelane nogcotshiweyo kaSimakade. Wena thatha umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.”


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite