Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 18:7 - IsiZulu 2020

7 Abantu bakwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide. Kwabulawa abantu abaningi kakhulu ngalolo lusuku; abayizi-20 000.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abantu bakwa-Israyeli banqotshwa lapho phambi kwezinceku zikaDavide, kwakukhona ukubulalana okukhulu ngalolo suku, abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho abantu bakwa-Israyeli babulawa phambi kwezinceku zikaDavide, kwaba khona ukubulawa okukhulu kwamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 18:7
12 Referans Kwoze  

Ndodana yami, mesabe uSimakade nenkosi, ungazihlanganisi nabamelana nabo,


Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


UPheka, indodana kaRemaliya, wabulala izinkulungwane eziyizi-120 000 kwaJuda ngasuku lunye, bonke babengamadoda anamandla, ngokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


U-Absalomu wayenza kanjalo kubo bonke abakwa-Israyeli ababeza enkosini ngamacala. U-Absalomu wazeba kanjalo-ke izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.


Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBhenjamini nabakwa-Abhineri abangama-360.


U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”


Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide.


Base bephumela endle, bayolwa no-Israyeli. Balwela ehlathini kwa-Efrayimi.


Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite