Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 18:2 - IsiZulu 2020

2 UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavide wathuma ingxenye yesithathu yabantu phansi kwesandla sikaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yasisithi ebantwini: Mina ngizaphuma lami lami.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 18:2
14 Referans Kwoze  

Emveni kokuba amadoda angama-300 esewehlukanise amaviyo amathathu, wawanikeza amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho nezihlonti phakathi ezitsheni.


Angiyukuzesaba izindimbane zabantu abangihaqe nxazonke.


“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.


Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye.


wathatha amabutho akhe wawehlukanisa amaviyo amathathu, walala unyendle endle. Kwathi lapho ebona abantu bephuma emzini, wavuka walwa nabo, wababulala.


UGideyoni nabayikhulu ababehamba naye bafika emaphethelweni enkambu yakwaMidiyani ngokuqala komlindo ophakathi, lapho abaqaphi bephuma kungena abanye; babetha amacilongo baphihliza izitsha ezazisezandleni zabo.


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


Kuthe lapho ufika lo mbiko kuJowabe, ngokuba uJowabe wayelandele u-Adoniya nakuba ayengamlandelanga u-Absalomu, wabaleka waya ethendeni likaSimakade, wafika wabamba izimpondo ze-althare.


UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane;


Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite