Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 18:18 - IsiZulu 2020

18 U-Absalomu esaphila wayethathe insika, wazimisela yona eSigodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana ezovusa igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; isabizwa ngokuthi yisikhumbuzo sika-Absalomu, kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 U-Abisalomu wathatha insika esaphila, wazimisela yona esigodini senkosi; ngoba wathi: Kangilandodana yokukhumbula ibizo lami; wabiza insika ngegama lakhe; khala kuze kube namuhla, indawo ka-Abisalomu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 18:18
13 Referans Kwoze  

Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


U-Absalomu wazala amadodana amathathu nendodakazi eyodwa, ayiqamba ngokuthi nguThamari; yayingowesifazane omuhle kakhulu.


USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.”


U-Abhrama esebuya ekunqobeni uKhedoloma namakhosi ayemelekelela, inkosi yaseSodoma yakhuphuka yamhlangabeza esigodini iShave, okungukuthi yisigodi seNkosi.


Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.


Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.


Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.”


UNobha wahamba wadla iKenathi nemizi yalo, walibiza ngokuthi iNobha, okuyigama lakhe.


‘Wenzani lapha? Unobani lapha ohlobene naye, ukuze uziqophele ithuna lapha, uziqophele ithuna endaweni ephakeme, uzisikele indawo yokuhlala edwaleni?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite