Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:8 - IsiZulu 2020

8 UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngoba, uHusayi wathi, wena uyamazi uyihlo labantu bakhe ukuthi bangamaqhawe, futhi bachothozekile ezinhliziyweni zabo njengebhere eliphucwe amawundlu alo egangeni; futhi uyihlo uyindoda yempi futhi akafuni ukulala nabantu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:8
20 Referans Kwoze  

Ngiyakubathelekela njengebhele eliphucwe amazinyane alo, ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo, ngibashwabadele lapho njengebhubesi, isilwane sasendle sibanephunephule.


Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


Kungcono ukuhlangana nebhere elephucwe amawundlu alo, kunesiwula ebuwuleni baso.


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


Waphenduka, wababona, wabaqalekisa egameni likaSimakade, kwase kuphuma ehlathini amabhere ezinsikazi amabili abadwengula labo bafana ababengama-42.


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.


Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.


Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”


UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


AbakwaDani bathi kuye: “Izwi lakho malingezwakali kithi, funa amadoda abilelwa ngamakhanda akusoconge, ufe wena nabendlu yakho.”


Bheka, manje ucashe emgodini noma kwenye indawo. Kuyothi lapho amabutho ethu eqala ukubathelekela, umuntu oyokuzwa uyothi: ‘Abantu abalandela u-Absalomu babulewe.’


“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama na? Wayebuthisa phakathi kwamabhongo, ondle amawundlu akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite