Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:29 - IsiZulu 2020

29 uju, izaqheqhe, izimvu, noshizi, bakuletha kuDavide nakubantu ababenaye ukuze badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, futhi bomile ehlane.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 nezinyosi nebhotela nezimvu noshizi ezinkomo zikaDavide nabantu ababe naye ukuba badle; ngoba bathi: Abantu balambile, badiniwe, bomile enkangala.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:29
15 Referans Kwoze  

Inkosi yathi kuZiba: “Ziyini lezi zinto na?” UZiba wathi: “Izimbongolo ngezokugibelisa abendlu yenkosi. Izinkwa nezithelo ngezokudliwa, kuthi iwayini liphuzwe yilabo asebeyethiswe ukuba sehlane.”


We zakhamuzi zakwaThema, lethelani abomileyo amanzi, bahlangabezeni ngokudla abafokazi.


Inkosi, nabo bonke abantu eyayihamba nabo, bafika eJordani bekhathele; yafike yathi gozololo lapho, yahlumeleleka.


nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.


uJowana umkaKhuza, induna kaHerodi, uSusana, nabanye abaningi ababebalekelela ngalokho ababenakho.


Akusikho yini ukwabelana nabalambileyo isinkwa sakho, ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, lapho ubona ohambaze umembathise, nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngizomfica ekhathele, nezandla zakhe zingenamandla, ngizomthelekela, abantu bonke abanaye babaleke, bese ngibulala inkosi, yona nje kuphela.


Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”


Onomhobholo ufisa usuku lonke, kepha olungileyo uyapha, angagodli lutho.


Belambile futhi bomile, imiphefumulo yabo yaphelelwa ngamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite