Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:25 - IsiZulu 2020

25 U-Absalomu wabeka u-Amasa ukuba ahole impi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa kwakuyindodana yendoda yakwa-Israyeli okuthiwa ngu-Ithira, owayengene u-Abhigayili, indodakazi kaNahashi, udadewabo kaZeruya, unina kaJowabe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 U-Abisalomu wabeka u-Amasa induna yempi esikhundleni sikaJowabe; u-Amasa wayeyindodana yendoda egama layo linguJitra, umIsrayeli, owangena no-Abigayili indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya, unina kaJowabe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:25
11 Referans Kwoze  

UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,


“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”


USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


“Phezu kwalokho, uyazi ukuthi uJowabe, indodana kaZeruya, wenzani kimi, nokuthi wabaphatha kanjani abakhuzi ababili bempi ka-Israyeli; u-Abhineri, indodana kaNeri, no-Amasa, indodana kaJetheri, ababulalayo, wachitha igazi ngokulwa ngesikhathi sokuthula. Wabheca igazi lokulwa ebhandeni lakhe elalisokhalo, nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


Inkosi yayisithi ku-Amasa: “Hamba uyongiqoqela abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube khona nawe lapho.”


Abakwa-Israyeli no-Absalomu bakanisa kwaGileyadi.


Kuthe lapho ufika lo mbiko kuJowabe, ngokuba uJowabe wayelandele u-Adoniya nakuba ayengamlandelanga u-Absalomu, wabaleka waya ethendeni likaSimakade, wafika wabamba izimpondo ze-althare.


U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”


Kwafika ingxenye yabakwaManase kuDavide, ngesikhathi izolekelela amaFilisti ukulwa noSawule, kodwa abawalekelelanga ngokuba abaholi bamaFilisti babonisana, bamkhomba indlela bethi: “Lo uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, adayise ngathi, asibulale.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite