Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:23 - IsiZulu 2020

23 Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:23
15 Referans Kwoze  

Waziphonsa ethempelini izinhlamvu zesiliva, wahamba; esehambile, wazikhunga.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula; kwakwembulwa kwembeswa. Kwafika kuye u-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Yaleza endlini yakho, ngokuba awuyukusinda, uyakufa nokufa.’ ”


U-Absalomu wathumela ku-Ahithofeli, umGiloni, umeluleki kaDavide owayevela emzini iGilo, lapho esanikela ngemihlatshelo. Lwaqina-ke uzungu, futhi banda nabantu ngasohlangothini luka-Absalomu.


Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, badingise ngenxa yobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bayamelana nawe.


Kwathi ukuba uZimri abone ukuthi umuzi usudliwe, wayesengena enqabeni yesigodlo senkosi, wasithungela ngomlilo isigodlo senkosi engaphakathi, wafela lapho,


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”


Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


Inhlekelele ayehleli yini abangalungile, nengozi izikhohlakali na?


Konke u-Ahithofeli ayeluleka ngakho kulezo zinsuku, kwakungathi kubuzwe kuNkulunkulu, ngakho-ke iseluleko sika-Ahithofeli sasihlonishwa nguDavide, kanjalo no-Absalomu.


UDavide, nabo bonke abantu ababe naye, basuka bawela iJordani. Kwathi kusa, kwabe kungekho namunye owayesasele engaliwelanga iJordani.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Kwase kufika kuye umphrofethi u-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lungisa izindaba zendlu yakho ngokuba uzokufa, ngeke uze usinde.’ ”


Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite