Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 16:7 - IsiZulu 2020

7 UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe, wathi: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UShimeyi wathi ekuthukeni kwakhe: “Phuma, phuma, muntu wegazi nothembekileyo;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 16:7
16 Referans Kwoze  

Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.


Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


Amadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; afakaza ngaye lawo madoda amabi, athi: “UNabothi uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


Ngalolo lusuku bonke abantu nawo wonke u-Israyeli bakuqonda ukuthi inkosi yayingenasandla ekubulaweni kuka-Abhineri, indodana kaNeri.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwenu, bahlubukisa izakhamuzi zomuzi wakubo, bathi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


Wamjikijela ngamatshe uDavide nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abantu eyayihamba nabo inkosi, wonke amaqhawe ayemhaqile ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, waphendula, wathi: “UShimeyi akayukubulawa yini ngalokho, njengoba wathuka ogcotshiweyo kaSimakade na?”


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele.


Baningi abathi ngami: “Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.” Sela


Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite