Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 16:12 - IsiZulu 2020

12 Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, uJehova angibuyisele kahle namuhla ngesiqalekiso sakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 16:12
22 Referans Kwoze  

Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe.


Nokho uSimakade uNkulunkulu wakho akamlalelanga uBhileyamu, kodwa uSimakade uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wakuthanda.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


Ngabe uSimakade ushaye u-Israyeli ngendlela abashaya ngayo abamshayayo na? Ngabe ubabulele ngendlela abulala ngayo abambulala na?


UDavide nabantu bakhe baqhubeka nendlela; uShimeyi wagudla intaba elinganisene nabo, ehamba ebathuka, ebajikijela ngamatshe, futhi ebathela ngomhlabathi.


Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile wonke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yakhe, inkosi yase-Asiriya, ukuzokwedelela ngawo uNkulunkulu ophilayo. USimakade uNkulunkulu wakho athi angawezwa, awasole lawo mazwi, bese kuthi ngenxa yensali, awuzwe umkhuleko wakho.’ ”


Mabaqalekise, kodwa Wena ubusise, lapho bevuka, mabathelwe ngehlazo, kodwa inceku yakho ithokoze.


Khumbula Simakade, ngenxa kaDavide, zonke izinhlupheko zakhe.


Ngokuba uyakuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe, bese kuthi wena uSimakade akuvuze.


Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.


Awuyukufuna ukuthula kwabo nempumelelo yabo zonke izinsuku zokuphila kwakho kuze kube phakade.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite