Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:32 - IsiZulu 2020

32 Uthe ukuba adundubale afinyelele esiqongweni lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, wahlangatshezwa nguHushayi, umArikhi, egqoke ibhantshi eliklebhukile, enomhlabathi ekhanda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 UDavide esefike esiqongweni sentaba, lapho akhuleka khona kuNkulunkulu, uHushayi um-Arki wamhlangabeza, enengubo eklebhukile, enothuli ekhanda lakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:32
20 Referans Kwoze  

bese sisuka eBhethele kuya eLuzi, sidabule ngase-Atharothi, isifunda sama-Arikithe;


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


Kwathi uJesu esesondele eBhethifage naseBhethani, ngasentabeni okuthiwa eYeminqumo, wathuma abafundi ababili,


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.


USolomoni wakhela uKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi, noMolokhi isinengiso sabakwa-Amoni indawo ephakemeyo entabeni eyayiphambi kweJerusalema.


UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


UThamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala ayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wahamba elokhu ekhala.


Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.


Wayesethi u-Absalomu: “Mawumbize noHushayi, umArikhi, sizwe ukuthi yena uthini.”


uBhahana, indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Alothi;


U-Ahithofeli wayengumeluleki wenkosi. UHushayi, umArikhi, engumngani wenkosi,


U-Absalomu nabo bonke abantu, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli wayenabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite