Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:30 - IsiZulu 2020

30 UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UDavide wakhuphuka ngommango weNtaba Yeminqumo, ekhuphuka ekhala izinyembezi, wagubuzela ikhanda lakhe, wahamba engagqokanga zicathulo; bakhuphuka.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:30
21 Referans Kwoze  

UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.


Inkosi yamboza ubuso, yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hawu, ngendodana yami, u-Absalomu, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


Imishuqulu yenu iyakuba semakhanda enu, nezimbadada zenu ezinyaweni zenu; ningakhali, ningasikhihli isililo, kodwa-ke niyokonda ngenxa yeziphambeko zenu, nibubulelane omunye komunye.


Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Base bebuyela eJerusalema, besuka entabeni okuthiwa eyeMinqumo eseduze neJerusalema, eyibanga lohambo lwesabatha.


Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengalokhu kwakungumkhuba wakhe, abafundi bakhe bamlandela.


Ngalezo zinsuku uJesu wayefundisa ethempelini emini, bese kuthi ebusuku ahambe ayolala entabeni okuthiwa eYeminqumo.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Kuthe esesondele emehlelweni weNtaba Yeminqumo isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokudumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngazo zonke izimangaliso esizibonileyo,


Kwathi uJesu esesondele eBhethifage naseBhethani, ngasentabeni okuthiwa eYeminqumo, wathuma abafundi ababili,


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


UZadoki no-Abhiyathara bawubuyisela eJerusalema umphongolo kaNkulunkulu, bahlala khona.


UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite