Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:3 - IsiZulu 2020

3 U-Absalomu bese ethi kuye: “Uyabona, indaba yakho inhle, iqondile, kodwa akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akulalele.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wathi u-Abisalomu kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile, kepha akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akuzwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Abisalomu wathi kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile; kepha akakho owabelwe inkosi ukuba akulalele.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:3
16 Referans Kwoze  

ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo,


Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.


UPawula wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumphristi omkhulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”


Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’


“Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo, abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobuqili.


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.


Umuntu owenza kahle uthola umusa kuSimakade, kepha onamacebo amabi uyamlahla.


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo.


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


“Noma ngubani oqalekisa uyise noma unina kufanele abulawe.


Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


U-Absalomu wabuye wathi: “Sengathi bengingabekwa ngibe ngumehluleli ezweni, ukuze wonke umuntu onecala nesikhalo esithile, eze kimi ngimehlulele; ngimenzele ubulungiswa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite