Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:26 - IsiZulu 2020

26 kodwa uma ethi: ‘Angithokozi ngawe;’ bheka, ngilapha; makenze kimi lokho akubona kufanele.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kepha uma esho kanje, ethi: ‘Angithokozi ngawe,’ bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kepha uma ethi: “Angithokozi ngawe; bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle kuye.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:26
18 Referans Kwoze  

USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


Wangikhiphela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ethokoza ngami.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwaba kuhle kuye ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi, ube yinkosi kuSimakade uNkulunkulu wakho. Ngokuba uNkulunkulu wakho uyamthanda u-Israyeli futhi uyathanda ukummisa kuze kube phakade, yingakho ekubeke waba yinkosi phezu kwakhe, ukuba wenze ubulungiswa nokulunga.”


Uma uSimakade esithanda, uyakusingenisa kuleli lizwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elichichima ubisi noju.


uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


Abakwa-Israyeli bathi kuSimakade: “Sonile; yenza kithi noma yini obona ukuthi kufanele uyenze, kodwa sikhulule namhlanje.”


Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


Lokhu kwakukubi phambi kukaNkulunkulu, ngalokho-ke wamjezisa u-Israyeli.


Kepha manje sesisezandleni zenu, yenza ngathi lokho obona kufanele ukuba ukwenze kithi.”


Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”


Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite