Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:23 - IsiZulu 2020

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu. Abantu bonke bawela, nenkosi nayo yawela umfudlana iKidroni; abantu bonke bawela ngendlela yasogwadule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke badabula; nenkosi yadabula umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngendlela yasehlane.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:23
12 Referans Kwoze  

Inkosi yathi kuZiba: “Ziyini lezi zinto na?” UZiba wathi: “Izimbongolo ngezokugibelisa abendlu yenkosi. Izinkwa nezithelo ngezokudliwa, kuthi iwayini liphuzwe yilabo asebeyethiswe ukuba sehlane.”


UJesu esekukhulumile lokho, waphuma nabafundi bakhe; bawelela ngaphesheya komfudlana, iKhedroni. Kwakukhona lapho insimu angena kuyo nabafundi bakhe.


Ngokuba mhla uphuma, uwela umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.


Nguye lo umphrofethi u-Izaya akhuluma ngaye, ethi: “ ‘Izwi lomemeza ehlane, lithi: “Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde!” ’ ”


Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhabhadisi eshumayela ehlane eJudiya,


Abaphristi bangena ngaphakathi endlini kaSimakade ukuba bayihlambulule, kwathi konke ukungcola abakuthola ethempelini likaSimakade bakukhiphela egcekeni lendlu kaSimakade. AbaLevi bakuthatha bakukhiphela ngaphandle, bakuyisa emfudlaneni iKidroni.


Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


UDavide wathi ku-Ithayi: “Woza, uwele.” U-Ithayi, umGithi, wawela nabo bonke abantu bakubo nazo zonke izingane ezazinaye.


Mina-ke, ngizothi ukuzindela ngasemazibukweni ehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.”


Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite