Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:21 - IsiZulu 2020

21 U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho nkosi yami, inkosi, lapho inkosi yami, inkosi, iya khona, kungaba sekufeni noma ekuphileni, inceku yakho nayo iyakuba lapho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, isibili noma iyiphi indawo inkosi yami, inkosi, eyakuba khona, ekufeni noma ekuphileni, iyakuba khona inceku yakho.”

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:21
15 Referans Kwoze  

Umngani uyathanda ngezikhathi zonke, kodwa umfowenu wazalelwa ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.


Unina womntwana wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, angiyukukushiya.” Wayesesuka wamlandela.


Lokhu angikusho ukuze nginilahle, njengalokhu nganitshela naphambilini ukuthi nisezinhliziyweni zethu; ukuba sife nani, siphile nani.


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake usale lapha, ngokuba uSimakade ungithume eJordani.” Kepha yena wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, angisoze ngakushiya.” Base behamba bobabili.


U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake usale lapha, ngokuba uSimakade ungithume eJerikho.” Kepha yena wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, angisoze ngakushiya.” Base beya eJerikho.


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uSimakade ungithumele eBhethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, naphambi kwakho, angisoze ngisuke kuwe.” Base behlela eBhethele.


“Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo wazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthe: ‘UJonathani makangazi ngalokhu, funa abe nosizi.’ Kepha ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, sinye vo isinyathelo phakathi kwami nokufa.”


UDavide wathi ku-Ithayi: “Woza, uwele.” U-Ithayi, umGithi, wawela nabo bonke abantu bakubo nazo zonke izingane ezazinaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite