Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 14:20 - IsiZulu 2020

20 UJowabe, inceku yakho, lokho ukwenzile ukuba aguqule isimo sezinto; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu, ukwazi konke okusemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 uJowabe inceku yakho wenzile lokho ukuba aphendukezele ubuso bendaba; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu ukwazi konke okusemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Inceku yakho uJowabe yenza le nto ukuze ilingise le ndlela; futhi inkosi yami ihlakaniphe njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu, ukwazi konke okusemhlabeni.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 14:20
12 Referans Kwoze  

“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ukuba ilalele okuhle nokubi; uSimakade uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


“Iyihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, ifana nesithunywa sikaNkulunkulu, ngakho-ke yenza okuhle emehlweni akho.


Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala inetha ezinyaweni zakhe.


Ulimi oluhubhuza amanga luyabazonda olubalimazile; nomlomo othophayo uyabhubhisa.


UDavide wabuza kuSimakade, Yena wathi: “Ungenyuki, gega ngemuva kwawo, uwathelekele maqondana nezihlahla zebhalisamu.


Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”


U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami, ufana nengelosi kaNkulunkulu, nokho abakhuzi bempi yamaFilisti bathe: ‘Akayukukhuphuka nathi, aye empini.’


Nokho-ke, ukuba ngenze ukungethembeki, ngambulala, inkosi ibizozwa ngalokho, njengoba kungekho nto inkosi eyifihlelwayo; nawe uqobo ubuyomelana nami.”


Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite