Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 14:14 - IsiZulu 2020

14 Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngoba kufanele sife futhi sinjengamanzi achitheke emhlabathini, angeke aphinde aqoqwe; futhi uNkulunkulu akahloniphi muntu; nokho uceba icebo ukuze abathunjwa bakhe bangaxoshwa kuye.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 14:14
31 Referans Kwoze  

Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.


Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


ngokuba umbulali kufanele ahlale emzini wokuphephela kuze kufe umphristi omkhulu. Kodwa emva kokufa komphristi omkhulu, umbulali angabuyela ezweni eliyifa lakhe.


bonke abantu bayakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.


Le mizi iyokuba ngeyokuphephela kubantu bakwa-Israyeli, kumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulala umuntu ngokungenhloso abalekele kuyo.


Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa.


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.


Ngokuba uNkulunkulu akenzeleli.


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Umuntu uyambuyisela othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


Igazi labo balichithe njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akubangabikho obambelayo.


Mabahwamuke njengamanzi achithekayo; lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi inqundekile.


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


UDavide wayesethi esithunyweni: “Ubofike uthi kuJowabe: ‘Le nto mayingabi ngembi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengoba yenza nakomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwubhubhise,’ bese umqunga isibindi uJowabe.”


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.


“ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu,


Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.


“Manje-ke ngize lapha ukukhuluma leli lizwi enkosini yami, inkosi, ngenxa yokuthi abantu bangesabisile; incekukazi yakho yayisithi: ‘Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakukwenza lokho okushiwo yincekukazi yayo.


Ngenxa yalokho, ngiyakuthobisa uzalo lukaDavide, kodwa akuyukuba njalonjalo.’ ”


Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.


Ngabe ububele bayo sebuphele ingunaphakade na? Ngabe isithembiso seminyaka sesiphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Ngokuba iNkosi ayinakusilahla kuze kube phakade.


Ngikwenamela ngempela yini ukufa komubi, kunokuba aphenduke, aphile na?” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite