Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:3 - IsiZulu 2020

3 U-Amnoni wayenomngani, ogama lakhe kunguJonadaba, indodana ka-Shimeya, umfowabo kaDavide. UJonadaba wayengumuntu onobuqili obukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayeyindoda ehlakaniphileyo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:3
21 Referans Kwoze  

UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: “Nalo uSimakade akamkhethanga.”


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli lizwe kungubuwula kuNkulunkulu. Kulotshiwe ukuthi: “Abahlakaniphileyo ubabamba ebuqilini babo,”


Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni,


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Baningi abazincengela ezikhulwini; bonke bafuna ukuba ngumngani womuntu ophanayo.


Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”


Umkakhe uZereshi nabo bonke abangani bakhe bathi kuye: “Tshela abantu bagxumeke isigxobo sokuphanyeka esingamakhubhithi angama-50 ubude, bese ucela enkosini ekuseni ukuba kulengiswe kuso uMoridekhayi, uhambe nenkosi uyozitika ukhululekile.” Leso seluleko samthokozisa uHamani, wayesesenza isiphanyeko.


kodwa wazibamba, wahamba waqonda emzini wakhe, wathumela, waqoqa abangani bakhe nomkakhe uZereshi,


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


UJonadaba, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, waphendula, wathi: “Inkosi yami mayingathathi zonke izinsizwa, amadodana enkosi abulewe, ngoba ngu-Amnoni kuphela ofileyo. Lokhu kwakuyinhloso ka-Absalomu kusukela ngosuku u-Amnoni aphoqa ngalo udadewabo, uThamari.


UmkaSamsoni waganiselwa umngani owayekade engumkhaphi kaSamsoni.


UJuda wayesethumela izinyane lembuzi ngesandla somngani wakhe wase-Adulamu, ukuze kubuye izimpahla zakhe ayebambise ngazo kowesifazane, kodwa akamtholanga.


Ngaleso sikhathi uJuda wabashiya abafowabo, wayohlala nomuntu wase-Adulama okuthiwa nguHira.


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”


USamuweli wathi kuJese: “Sebephelile yini abafana?” Wathi: “Kusasele omncane; waluse izimvu.” USamuweli wathi kuJese: “Thumela umlande, ngokuba asiyi ndawo engakafiki lapha.”


Lokho kwamhlupha waze wagula ngenxa kadadewabo, uThamari, owayeyintombi, ngakho-ke kwakulukhuni ku-Amnoni ukuba angenza utho kuye.


Wathi kuye: “Yini ekwenza uzace kangaka usuku nosuku, ndodana yenkosi na? Ungengitshele lokho na?” U-Amnoni wathi kuye: “NguThamari, udadewabo ka-Absalomu, umfowethu; ngiyamthanda.”


Wameyisa u-Israyeli, ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeyi, umfowabo kaDavide, wambulala.


UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,


UJonathani, umfowabo kayise kaDavide, wayengumeluleki engumuntu ohlakaniphileyo, futhi engumbhali. UJehiyeli, indodana kaHakhimoni, wayehlala namadodana enkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite