Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:22 - IsiZulu 2020

22 U-Absalomu akazange akhulume lutho olubi noma oluhle ku-Amnoni, kodwa u-Absalomu wamzonda u-Amnoni, ngokuba wayemphoqile udadewabo, uThamari.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 U-Abisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 U-Abisalomu akakhulumanga okuhle nokubi ku-Amnoni umfowabo, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu ephoqile udadewabo uTamari.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:22
19 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”


Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade.


ULabani noBhethuweli baphendula, bathi: “Le ndaba ivela kuSimakade, ngeke thina sakwazi ukusho noma yini.


Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Umuntu othi usekukhanyeni, kodwa abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube manje.


Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile.


Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.


Onenzondo uyazenzisa ngokukhuluma kwakhe, ebe enenhloso embi enhliziyweni yakhe.


Khuluma udaba lwakho nomakhelwane wakho, ungayidaluli imfihlo yomunye,


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.


Kusemandleni ami ukuba ngikulimaze, kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume nami ebusuku bayizolo, wathi: ‘Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.’


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Kwathi ukuba inkosi uDavide izwe ngakho konke lokhu, yathukuthela kakhulu.


Noma inzondo yakhe isibekelwa yinkohliso, ububi bakhe buyodaluleka ebandleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite