Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:14 - IsiZulu 2020

14 Akavumanga ukulalela izwi lakhe. Ngenxa yokuthi wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa akalalelanga izwi lakhe, kodwa ngenxa yokuthi wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:14
8 Referans Kwoze  

“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.


Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.


Izakhamuzi zaseGibheya zangivukela, zazungeza indlu ebusuku. Zaziqonde ukungibulala; zadlwengula isancinza sami saze safa.


“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, ezelwe kwenu, noma ezelwe kwelinye ikhaya.


“ ‘Makaqalekiswe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


U-Amnoni esekwenzile lokho wamzonda uThamari ngenzondo eyedlula uthando ayenalo ngaye phambilini. U-Amnoni wayesethi kuThamari: “Vuka uhambe.”


UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite