Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:12 - IsiZulu 2020

12 UThamari wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi; akwenziwa lokhu kwa-Israyeli. Ungalokothi wenze lobu buwula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi kuye: “Qha, mfowethu, ungangiphoqi; ngoba akwenziwa into enje koIsrayeli; musani ukwenza lombhedo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:12
12 Referans Kwoze  

Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.


Ikhehla, umninindlu laphumela kubo, lathi: “Qha, bafowethu, ningabenzi lobu bubi obungaka. Njengoba le ndoda ingenise endlini yami, ningabenzi lobu buwula obuyihlazo.


“ ‘Uma umuntu eyothatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bayo, nayo ibone ubunqunu bakhe, kuyihlazo lokho; bayakunqunywa phambi kwabantu bakubo, ngokuba embulile ubunqunu bukadadewabo, uyothwala icala lakhe.


Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.


“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bendodakazi yomkayihlo, ezalwa nguyihlo; ingudadewenu.


“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, ezelwe kwenu, noma ezelwe kwelinye ikhaya.


ngabona phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,


indoda ebilale nentombi iyonika uyise wentombi amashekeli esiliva angama-50, bese iba ngumkayo, ngokuba iyonile. Ayiyukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwayo.


UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite