Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:26 - IsiZulu 2020

26 UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathumba umuzi wobukhosi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:26
9 Referans Kwoze  

Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


UDavide wayesethi esithunyweni: “Ubofike uthi kuJowabe: ‘Le nto mayingabi ngembi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengoba yenza nakomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwubhubhise,’ bese umqunga isibindi uJowabe.”


Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.


UJowabe wathumela izithunywa kuDavide, wathi kuye: “Ngihlasele iRabha, ngawudla uMuzi Wamanzi.


Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi,


IRabha ngiyakulenza libe yidlelo lamakameli, abakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa izimvu, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite