Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:17 - IsiZulu 2020

17 Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini, kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Amalunga endlu yakhe asukuma, aya kuye ukumvusa emhlabathini; kepha akavumanga, akadlanga sinkwa nabo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:17
7 Referans Kwoze  

Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


Kepha uSawule wenqaba wathi: “Angiyukudla.” Nokho izinceku zakhe nowesifazane bamnxenxa, wayeselalela izwi labo. Wasukuma emhlabathini, wahlala embhedeni.


U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami.


Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, ngesikhathi umntwana esaphila sakhuluma naye, kodwa akasilalelanga. Pho sizomtshela kanjani ukuthi umntwana usefile? Angase azilimaze.”


Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.


Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.


Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite