Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:15 - IsiZulu 2020

15 UNathani wayesebuyela emzini wakhe. USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UNathani wasesiya endlini yakhe. UJehova wamshaya umntwana umka-Uriya amzalela uDavide, wagula kakhulu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:15
9 Referans Kwoze  

Kwathi emveni kwezinsuku ezilishumi uSimakade wamshaya uNabali, wafa.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


UJerobhowamu akaphindanga waba namandla emihleni ka-Abhiya. USimakade wamshaya wafa.


USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.


UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe.


“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.


Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”


UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite