Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:14 - IsiZulu 2020

14 Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa ngenxa yalesi senzo unikeze izitha zikaJehova isizathu esikhulu sokuhlambalaza, nomntwana omzalelwayo uyakufa nokufa.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:14
16 Referans Kwoze  

Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.


“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.”


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe.


“Maye, kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kodwa maye kulowo muntu esiza ngaye isikhubekiso!


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?


UNathani wayesebuyela emzini wakhe. USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu.


Mabangahlazeki ngami abakulindelayo, Nkosi, Simakade Wamabandla. Mabangathelwa ngehlazo ngenxa yami labo abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.


Simakade Nkulunkulu wethu, Wena wabaphendula, waba nguNkulunkulu othethelelayo kubo, nophindiselayo ngezenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite