Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 11:8 - IsiZulu 2020

8 UDavide wathi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma esigodlweni senkosi, inkosi yamthumelela isipho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UDavida wasesithi kuUriya: Yehlela endlini yakho, ugeze inyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi, futhi ukudla okuningi kwenkosi kwamlandela.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 11:8
11 Referans Kwoze  

Makulethwe amanzi, nigeze izinyawo, bese niphumula emthunzini.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa, nokufihliweyo okungayukwaziwa.


Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.


ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.


Induna yayisiwangenisa lawo madoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi ukuze ageze izinyawo, yanika nezimbongolo zawo ifolishi.


Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite