Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 11:2 - IsiZulu 2020

2 Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 11:2
28 Referans Kwoze  

Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.


Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha.


Ungabukhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uSimakade uyakudunyiswa.


“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


Ubuvila buletha ubuthongo obunzima; oyivila uyobulawa yindlala.


Babengene endlini ka-Ishi Bhoshethi esazilalele embhedeni ekamelweni lakhe, bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, balithatha bahamba nalo ubusuku bonke ngendlela ese-Araba.


UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


Amadodana kaRimoni waseBherothi, uRekhabhi noBhahana ahamba, afika endlini ka-Ishi Bhoshethi emini sekushisa ilanga; wayecambalele embhedeni wakhe emini.


Sebehlile endaweni ephakemeyo, bangena emzini. USamuweli waxoxa noSawule besophahleni lwendlu.


Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle.


ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe;


Kuthe lapho sebezongena eGibhithe wayesethi kumkakhe uSarayi: “Ngazi kahle ukuthi ungowesifazane omuhle kakhulu.


“ ‘Ungamfisi umfazi womakhelwane wakho; ungayifisi indlu yomakhelwane wakho, insimu yakhe, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, nokunye kukamakhelwane wakho.’


U-Absalomu, indodana kaDavide, wayenodadewabo omuhle, ogama lakhe kunguThamari; u-Amnoni, indodana kaDavide, wayemthanda.


U-Absalomu wazala amadodana amathathu nendodakazi eyodwa, ayiqamba ngokuthi nguThamari; yayingowesifazane omuhle kakhulu.


idlula emgwaqweni eduze negumbi lakhe, ibheke ngasendlini yakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite