Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 10:5 - IsiZulu 2020

5 Kwathi lapho bembikela uDavide ngalokho, wathumela ukuba zihlangatshezwe, ngokuba lawo madoda ayehliswe isithunzi kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Lapho sebemtshela uDavide lokho, wathumela ukuzihlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho bemtshela uDavide, wathumela ukuwahlangabeza, ngokuba amadoda ayenamahloni kakhulu; inkosi yathi: Hlalani eJeriko, zize zihlume izindevu zenu, bese nibuya.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 10:5
6 Referans Kwoze  

Bahamba bamazisa uDavide ngalawo madoda. Wayesethumela ukuba ahlangatshezwe, ngokuba ayenamahloni kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho zize zihlume izilevu zenu, bese niyabuya-ke.”


Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wabuye walakha kabusha iJerikho. Wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abhiramu, izibulo lakhe, amasango alo wawamisa ngokulahlekelwa nguthunjana wakhe, uSegubhi, njengalokhu uSimakade ayekhulumile ngomlomo kaJoshuwa, indodana kaNuni.


UHanuni wazibamba izinceku zikaDavide, wazigunda ingxenye yezilevu zazo, wahhephuna izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.


Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


Amasango eJerikho ayevaliwe ngaphakathi nangaphandle ngenxa yabantu bakwa-Israyeli; kwakungaphumi futhi kungangeni muntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite