Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 10:19 - IsiZulu 2020

19 Wonke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri, lapho ebona ukuthi u-Israyeli uwanqobile, enza isivumelwano soxolo no-Israyeli, akhonza phansi kuka-Israyeli. Ama-Aramu esaba ukubuye abasize futhi abantu bakwa-Amoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Lapho wonke amakhosi, izinceku zikaHadadezeri, ebona ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ngakho ama-Aramu esaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 10:19
12 Referans Kwoze  

UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Izinceku zikaHadadezeri zabona ukuthi zehluliwe ngu-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza. Ama-Aramu awaphindanga afuna ukusiza abakwa-Amoni.


UBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu, wabutha impi yakhe yonke; amakhosi angama-32 ayenaye, amahhashi nezinqola zempi; wenyukela eSamariya, walivimbezela, walwa nalo.


U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.


UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wadla iHazori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHazori kuqala laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso.


UDavide wamnqoba uHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha, ngesikhathi ephumele ukuyobuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite