Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 4:16 - IsiZulu 2020

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 4:16
16 Referans Kwoze  

Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Esekushilo lokho walala ubuthongo.


Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.


Base bemshiya bonke, babaleka.


Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo.


Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya;


Uyazi ukuthi bonke abase-Asiya bangihlamukile, kubo kukhona uFilegu noHermogene.


Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba.


Yiyona-ke le impendulo yami kulabo abangibuzayo.


Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.”


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;


Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite