Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 3:3 - IsiZulu 2020

3 abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 ngaphandle kokuthanda imvelo, abaphula isivumelwano, abahlebi, abangafuni ukuzithiba, abanolaka, abadeleli abalungileyo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 ngaphandle kokuthanda imvelo, abaphula isivumelwano, abahlebi, abangafuni ukuzithiba, abanolaka, abadeleli abalungileyo,

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 3:3
31 Referans Kwoze  

Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola.


abanangqondo, abathembekile, abanaluthando, futhi abanasihe.


“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.


UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”


nokuba kungabi bikho oyothenga noma athengise ngalo, ngaphandle kwalowo onophawu, igama lesilo noma inombolo yegama laso.


Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki emfanekisweni wesilo babulawe.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Okokuqala, nidinga ukuba nazi ukuthi ngezinsuku zokugcina, kuyakufika ababhinqayo bebhinqa behamba ngokwezinkanuko zabo,


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle,


Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo,


Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Uma bengakwazi ukuzithiba, mabagane, ngokuba kuhle ukugana kunokusha yinkanuko.


Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.


UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.”


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Kepha mina angisemuntu, ngiyimpethu nje; ngiyisigcono sabantu, nendelelo ezizweni.


Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.


Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Bagcwele konke ukungalungi; ukonakala, umhobholo nobubi; begcwele umhawu, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuqili nokuhleba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite