Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 3:15 - IsiZulu 2020

15 nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 3:15
38 Referans Kwoze  

Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo.


Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.


Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe.


Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


alethembisa phambilini ngabaphrofethi bakhe emibhalweni engcwele,


Nguye, bonke abaphrofethi abafakaza ngaye ukuthi bonke abakholwa nguye bayakwemukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.”


Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.


UPawula, njengokwejwayelekile, wangena khona kwaze kwaba ngamasabatha amathathu, ephendulana nabo ngokusemibhalweni,


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Kwathi sebekufeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.


Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akekho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikhayeli, isikhulu senu.


Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa.


Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’


Kodwa uma ningakholwanga yimibhalo yakhe, pho niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”


UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki,


Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”


Khona labo abangasokile ngokwemvelo, kodwa bewugcina umthetho, bayakunehlulela nina eninomthetho obhaliwe kanye nokusoka kodwa niwephula umthetho.


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite