Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 2:16 - IsiZulu 2020

16 Kepha kugweme ukukhuluma kwezwe okuyize, ngokuba kubhebhezela ukungamesabi uNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kepha inkulumo-ze eyize xwaye kuyo, ngokuba bayokwanda ekungahloniphi uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha inkulumo-ze eyize xwaye kuyo, ngokuba bayokwanda ekungahloniphi uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 2:16
19 Referans Kwoze  

kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude.


Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo,


benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.


Bakhumbuze ngalokhu, futhi ubaxwayise phambi kukaNkulunkulu ukuba bangaqophisani ngamazwi, ngokuba lokho akusizi ngalutho, kodwa kukhubekisa abalaleleyo.


U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.


U-Ezra, umphristi, wayesesukuma, wathi kubo: “Nonile, naganwa ngabesifazane bezizwe, ngaleyo ndlela nathasisela icala lika-Israyeli.


Elinye lamakhanda aso lalingathi lishayelwe ukufa, kodwa nokho inxeba lalo lase lipholile, umhlaba wonke wamangala, wase usilandela isilo.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa,


Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.


okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu,


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Ukuzigabisa kwenu akukuhle neze. Kanti anazi yini ukuthi imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama na?


Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda.


siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,


Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezi zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekileyo, esingcwelisiweyo, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe wonke umsebenzi omuhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite