Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 1:7 - IsiZulu 2020

7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 1:7
28 Referans Kwoze  

ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”


Akukho ukwesaba othandweni. Uthando olupheleleyo luyakuxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso nowesabayo akaphelele othandweni.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Niyabona, ngininike igunya lokunyathela izinyoka nawofezela, naphezu kwamandla wonke esitha; akukho lutho oluyakunilimaza.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Uyabela abaqotho impumelelo, uyisihlangu salabo abahamba ngokwethembeka.


Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami.


Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.


akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,


Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


okunguyena futhi owasitshela ngothando lwenu ngoMoya.


UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.


Kepha uSawula wadlondlobala ngamandla; bashaqeka abaJuda ababehlala eDamaseku, eqinisa ukuthi lowo unguKhristu.


Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba.


Kepha uPawula wathi: “Festu odumileyo, angihlanyi, kodwa ngikhuluma iqiniso elimsulwa namazwi anomqondo.


“Kuthe sekubuye umqondo, yathi: ‘Kambe bangaki abaqashwe ngubaba abadla baze bakubuke, mina ngibe ngibulawa yindlala lapha na?


Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite