Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 1:16 - IsiZulu 2020

16 Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 1:16
27 Referans Kwoze  

Khonza kuPhriska, ku-Akhwila nakwabendlu ka-Onesiforu.


Yebo, mfowethu, sengathi ngingakufumana lokhu kuwe eNkosini. Hlumelela inhliziyo yami kuKhristu.


Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.


engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.


Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.


Ngokuba bawuvuselele umoya wami nowenu, ngakho-ke basizeni abantu abanjalo.


Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso.


Uhlala ethembekile kulabo abethembekile kuye, abangenasici ubavuza ngezipho ezipheleleyo.


Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.


Ngayala abaLevi ukuba bazingcwelise, kube yibo abaqapha emasangweni ebusuku ukuze kugcinwe usuku lweSabatha lungcwele. Ungikhumbule Nkulunkulu wami, ube nomusa kimi ngokuba mkhulu umusa wakho.


Nkulunkulu wami, ngikhumbule kulokhu, ungakhohlwa ukwethembeka engikwenzile, ngikwenzela indlu yakho nomsebenzi owenziwa kuyo.


Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngakho konke okuhle engikwenzele laba bantu.


UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi.


Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo.


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Kwathi nalapho esefike eRoma, wangifunisisa waze wangithola.


Kepha wena ngiyakukusindisa ngalolo lusuku, kusho uSimakade, awuyukunikelwa esandleni sabantu obesabayo.


Kanjalo neyayithole amabili, yazuza amanye amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite