Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 1:14 - IsiZulu 2020

14 Kulonde lokhu okuhle okubekwe kuwe ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Lokho okuhle okuphathisiweyo ukugcine ngoMoya oNgcwele ohlezi kithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lokho okuhle okuphathisiweyo ukugcine ngoMoya oNgcwele ohlezi kithi.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 1:14
21 Referans Kwoze  

uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini.


Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo,


okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.


Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?


Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.


ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu odumisekayo, engaphathiswa lona mina.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi.


Kepha kunalokho, sebebonile ukuthi nginikezwe ukushumayela ivangeli kwabangasokile njengokuba uPhethro enikezwe ukwenza kanjalo kwabasokayo.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu, nokuthi anizimele ngokwenu na?


Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.


Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu.


Ngakho uma ningathembekile ekuphatheni umcebo ongalungile, pho ngubani oyakuniphathisa umcebo woqobo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite