Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 1:13 - IsiZulu 2020

13 Landela isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokukholwa, nothando olukuKhristu uJesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Bambelela endleleni yamazwi aphilileyo owawezwa kimi ekukholweni nangothando olukuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bambelela endleleni yamazwi aphilileyo owawezwa kimi ekukholweni nangothando olukuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 1:13
30 Referans Kwoze  

obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.


Kodwa wena bambelela kulokho okufundile nowakukholwa, wazi ukuthi ukufunde kobani,


Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.


Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo,


Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.


“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho.


Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe.


Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu.


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


Masibambisise isivumo sethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo.


Kulonde lokhu okuhle okubekwe kuwe ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.


umyali weziwula nomfundisi wezingane; uyisibonakaliso solwazi lweqiniso emthethweni.


Kepha wena khuluma ngalokho okufanele imfundiso elungileyo,


Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu;


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


Ndodana yami, makungasuki emehlweni akho, gcina ukuhlakanipha namasu,


kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike.


Ngakho-ke lokhu sinomPhristi omkhulu kakhulu odabule amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.


Kepha uKhristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa ngeqholo nangokuzigabisa ngethemba kuze kube sekupheleni.


ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.


Vivinyani konke, nibambisise okuhle.


ngokuba sizwile ngokukholwa kwenu kuKhristu uJesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,


Bambelela ekuyalweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.


Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, babusisiwe labo ababambelela baqine kukho.


Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu,


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite