Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 2:8 - IsiZulu 2020

8 Ngokuba leyo ndoda elungileyo, eyayihlala phakathi kwabangalungile, nsuku zonke yadatshukiswa ukuzwa nokubona izenzo zabo ezimbi zokungamesabi uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho –

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 (Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;)

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 (Ngokuba lowo olungileyo ehlezi phakathi kwabo, ngokubona nangokuzwa, imihla ngemihla wawuhlupha umphefumulo wakhe olungileyo ngemisebenzi yabo engafanele;)

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 2:8
12 Referans Kwoze  

Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakeleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,


Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.


Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite