Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 2:20 - IsiZulu 2020

20 Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba uma sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, babuye bahilelwe yikho, bahlulwe, isiphetho sabo sibi kunokuqala.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 2:20
20 Referans Kwoze  

Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.


aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.


UBhileyamu wabona u-Amaleki, wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “U-Amaleki wayengowokuqala ezizweni, kodwa isiphetho sakhe ngukubhujiswa.”


“Kuyakuthi lapho ngithi kolungileyo uyakuphila nokuphila, kodwa yena ethembele ekulungeni kwakhe, bese enza okubi; akusayukukhunjulwa ngisho nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela ebubini abenzileyo.


Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,


Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu.


Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


umphristi uyakulihlola, uma libonakala lishonile kunesikhumba, futhi noboya sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumemezela ukuthi ungcolile: yisifo esithathelanwayo, sivele ethumbeni.


Umphristi uyobuye akuhlole emveni kokuhlanzwa kwesifo. Uma ibala lingaguqukile embaleni walo, lingandile, ingcolile, uyoyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma ngaphakathi noma ngaphandle.


“Uma isifo sibuye savumbuka kabusha endlini emveni kokuba ekhiphe amatshe okuqala, nasemveni kokuphalwa kwendlu nokuphahlekwa kwayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite