Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 2:17 - IsiZulu 2020

17 Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 2:17
11 Referans Kwoze  

Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Nezingelosi ezingayigcinanga indawo yazo yokubusa, kepha ezayishiya indawo yazo yokuhlala; uzigcine ziboshwe ngezinsinga ingunaphakade, ebumnyameni obuphakade, ukuze zehlulelwe ngosuku olukhulu.


Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,


Leyo nceku engenamsebenzi walutho yiphonseni ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ ”


“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite