Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 1:3 - IsiZulu 2020

3 Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 1:3
39 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


Lowo owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele; hhayi ngokwemisebenzi yethu, kodwa ngokwenhloso yakhe, nomusa esawuphiwa kuKhristu uJesu zingakabi bikho izikhathi;


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


Nabizelwa khona lokho, ngokuba uKhristu wahlushwa ngenxa yenu, wanishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.


anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Khristu.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe.


Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga emanyaleni, kodwa wasibizela ebungcweleni.


Kepha njengalokhu onibizileyo engcwele, yibani ngcwele nani kukho konke enikwenzayo,


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


Wethembekile uNkulunkulu owanibizela ebudlelwaneni neNdodana yakhe, uJesu Khristu iNkosi yethu.


sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.


Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,


Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.


ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


munye umzimba, munye uMoya; njengalokhu nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


asibizayo nathi phakathi kwabo, hhayi kubaJuda kuphela, kodwa nakubo abezizwe.


Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kumyeni wakhe, kepha ohlazisayo ufana nokubola emathanjeni omyeni wakhe.


Manje ndodakazi yami, ungesabi, konke okucelayo ngizokwenzela khona. Ngokuba bonke abantu bakithi bayazi ukuthi ungowesifazane onesimilo.


“Baningi abesifazane abakhutheleyo, kepha wena ubedlula bonke.”


Ngubani ongathola umfazi woqobo na? Uyigugu eledlula inani lamarubhi.


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu,


Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu.


Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.


Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite