Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 1:19 - IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu;

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 1:19
27 Referans Kwoze  

“Mina Jesu, ngiyithumile ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nowolibo lukaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.


Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Njengalokhu nami ngamukele kuBaba; ngiyakumnika futhi indonsa.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.”


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona.


Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.


Laba babengcono kunabaseThesalonika, ngokuba balemukela izwi ngenhliziyo yonke, behlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.”


Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu.


Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuze sazi, nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile’ na? Qha, akekho okumemezelileyo, akekho nokuzwisileyo, akekho nowezwa amazwi enu.


“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe.


Ngokuba izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniswa, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwajeziswa ngokufanaleyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite