Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 9:3 - IsiZulu 2020

3 Izimbongolo zikaKishi, uyise kaSawule, zalahleka. UKishi wathi kuSawule, indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku uvuke nihambe niyofuna izimbongolo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zabhubha. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, uzilungise, uye ukufuna izimbongolo;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 9:3
7 Referans Kwoze  

Uma ususukile lapha kimi namuhla, uzohlangana nabantu ababili ngasethuneni likaRaheli, emngceleni wakwaBhenjamini eZeliza. Bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuphume ukuyozifuna sezitholakele. Manje uyihlo akasakhathazekile ngezimbongolo, usekhathazeke ngani, uthi: “Ngiyakwenzenjani ngomntanami, na?” ’


Wayenamadodana angama-30 ayegibela izimbongolo ezingama-30, enemizi engama-30 kwaGileyadi elibizwa ngokuthi yiHavothi Jayiri kuze kube namuhla.


“Khulumani ngakho, nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlala emacansini ezinjinga, nani enedlula ngendlela.


Wayenendodana igama layo kunguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.


Wadabula kwelezintaba kwa-Efrayimi, wadabula eShalisha, kodwa abazifumananga, base bedabula eShahalimi; nalapho zazingekho. Wadabula kwaBhenjamini, kepha kabazitholanga.


Mayelana nezimbongolo zakho ezilahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungabe usayibeka inhliziyo yakho kuzo, ngokuba sezitholakele. Ngokuba libekwe kubani kanti ithemba lika-Israyeli, uma kungekuwe nakubo bonke abendlu kayihlo na?”


Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: “Beniye ngaphi na?” Wathi: “Besiyofuna izimbongolo; lapho sibona ukuthi asizitholi, sase siya kuSamuweli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite