Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 9:21 - IsiZulu 2020

21 USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, omncane wezizwe zakwa-Israyeli na? nesizukulwane sami sibe sincane kuzo zonke izizukulwana zesizwe sakwaBenjamini? pho kungani ukhuluma nami kanjalo?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 9:21
13 Referans Kwoze  

USamuweli wathi: “Nakuba wawuzibona ungomncane, kodwa awenziwanga yini waba yinhloko yezizwana zakwa-Israyeli na? USimakade wakugcoba waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”


Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?”


UDavide wathi kuSawule: “Ngingubani nje mina, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngingaba ngumkhwenyana wenkosi, na?”


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


USamuweli wathatha uSawule nenceku yakhe wangena nabo endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni ephambili, phakathi kwababemenyiwe; kwakungamadoda angama-30.


UKishi, uyise kaSawule noNeri, uyise ka-Abhineri, babengamadodana ka-Abhiyeli.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho, qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite