Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 9:12 - IsiZulu 2020

12 Abaphendula athi: “Ukhona, bhekani nangu phambi kwenu. Nokho sheshani ngokuba ufike namuhla emzini, ngoba abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Baphendula bathi: “Ukhona; bhekani, uphambi kwenu; sheshani, ngokuba ifikile namuhla emzini; ngoba namuhla kukhona umhlatshelo wabantu phezulu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 9:12
11 Referans Kwoze  

Wanikela ngomhlatshelo elapho kwelezintaba, wamema nezihlobo zakhe ukuba zidle. Badla, base belala kulo elezintaba ngalobo busuku.


Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? USawule uzozwa, bese engibulala.” USimakade wathi: “Thatha isithole emhlanjini, uthi: ‘Ngize ukuzohlabela uSimakade.’


“Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha.


Washiya uZadoki, umphristi, nabafowabo, abaphristi, phambi kwethabanakeli likaSimakade, endaweni ephakemeyo eyayiseGibheyoni,


USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.


Ngiyakuzivusela umphristi othembekileyo oyokwenza njengalokho okusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo. Uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Uma uyihlo ebona ukuthi angikho, ubothi: ‘UDavide ucelile impela ukuba aphuthume eBhethlehema emzini wakubo, ngokuba ngalesi sikhathi kwenziwa umhlatshelo waminyaka yonke owenzelwa wonke umndeni wakubo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite