Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 8:5 - IsiZulu 2020

5 athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; manje simisele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 8:5
12 Referans Kwoze  

Kusukela lapho, bacela inkosi. UNkulunkulu wabanika uSawule, indodana kaKhishi, umuntu wesizwe sakwaBhenjamini, iminyaka engama-40.


Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”


Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala, ngisemagqumeni, ngiyambona. Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.


Mayelana nezimbongolo zakho ezilahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungabe usayibeka inhliziyo yakho kuzo, ngokuba sezitholakele. Ngokuba libekwe kubani kanti ithemba lika-Israyeli, uma kungekuwe nakubo bonke abendlu kayihlo na?”


Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla.


Manje nansi-ke inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; niyabona-ke, uSimakade unibekele inkosi ukuba inibuse.


Abakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho nomzukulu wakho, ngokuba usikhululile esandleni sabakwaMidiyani.”


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite