Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 8:18 - IsiZulu 2020

18 Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Niyokhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona; uJehova akayikunilalela ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 8:18
13 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu.


Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na?


Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nina nibe yizinceku zayo.


Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ”


Liyini ithemba longenankulunkulu nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu ethatha umphefumulo wakhe na?


Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite